+ All Categories
Home > Documents > UNIVERSITY OF KWAZU LU-NATAL FACULTY OF EDUCATION...

UNIVERSITY OF KWAZU LU-NATAL FACULTY OF EDUCATION...

Date post: 29-Oct-2019
Category:
Upload: others
View: 9 times
Download: 0 times
Share this document with a friend
4
4 •.. "" •• •• '{' ~ UNIVERSITY OF KWAZU LU- NATAL FACULTY OF EDUCATION Edgewood Campus BACHELOR OF EDUCATION JUNE EXAMINATION 2011 Duration IsiZulu 310 MT 3 Hrs Code Marks EDZU310E 100 Module Title Internal Examiner N.Y.Ngcobo External Examiner Z. Xala ISIGABA A: ULiMI Phendula yonke imibuzo Umbuzo 1 Isivumelwano sesiphawulo nesibaluli zakheka ngendlela efanayo kodwa kunomehluko omncane owenzeka kwezinye izigaba zamabizo. Chaza ngalo mehluko bese utshengisa ngezibonelo zezigaba zamabizo eziwuvezayo. (10) Umbuzo 2 Chaza ukuthi isivumelwano songomnini sakheka kanjani. Balula nezinguquko ezenzekayo uma sakhiwa. Nikeza izibonelo ngezigaba zamabizo kusukela kusigaba 1- kuya kusigaba 9 (10) Umbuzo 3 Sebenzisa lezi zenzo ezilandelayo wakhe impambosi yokwenzayenza. Chaza ngokwakheka kwayo kuleso naleso senzo: o Mba o Enza o Dlala o Elapha o Khahlela (10) 1
Transcript
Page 1: UNIVERSITY OF KWAZU LU-NATAL FACULTY OF EDUCATION …ukznstats.ukzn.ac.za/eexams/downloads/EDZU310E1_06_2011_Y_P1.pdf · FACULTY OF EDUCATION Edgewood Campus BACHELOR OF EDUCATION

4•..""••••'{'~UNIVERSITY OF

KWAZU LU- NATAL

FACULTY OF EDUCATIONEdgewood Campus

BACHELOR OF EDUCATION

JUNE EXAMINATION 2011

Duration

IsiZulu 310 MT

3 Hrs

Code

Marks

EDZU310E

100

Module Title

Internal Examiner N.Y.Ngcobo External Examiner Z. Xala

ISIGABA A: ULiMI

Phendula yonke imibuzo

Umbuzo 1

Isivumelwano sesiphawulo nesibaluli zakheka ngendlela efanayo kodwa kunomehluko omncaneowenzeka kwezinye izigaba zamabizo. Chaza ngalo mehluko bese utshengisa ngezibonelozezigaba zamabizo eziwuvezayo. (10)

Umbuzo 2

Chaza ukuthi isivumelwano songomnini sakheka kanjani. Balula nezinguquko ezenzekayo umasakhiwa. Nikeza izibonelo ngezigaba zamabizo kusukela kusigaba 1- kuya kusigaba 9

(10)

Umbuzo 3

Sebenzisa lezi zenzo ezilandelayo wakhe impambosi yokwenzayenza. Chaza ngokwakhekakwayo kuleso naleso senzo:

o Mbao Enzao Dlalao Elaphao Khahlela (10)

1

Page 2: UNIVERSITY OF KWAZU LU-NATAL FACULTY OF EDUCATION …ukznstats.ukzn.ac.za/eexams/downloads/EDZU310E1_06_2011_Y_P1.pdf · FACULTY OF EDUCATION Edgewood Campus BACHELOR OF EDUCATION

Umbuzo 4Hlukanisa la magama alandelayo ngokwezakhi bese uchaza ukuthi isakhi ngasinye siluhlobo luni

o Ngasechibinio Njengesithwalambiza (10)

[40]

ISIGABA B: IMIBHALO YESIMANJE: IZINKONDLO

Umbuzo 5Chaza ukuthi ukukhethwa kwamagama kungawuthinta kanjani umqondo kule nkondlo elandelayo

(impendulo yakho mayingeqi ekhasini nengxenye):

Kayihambi Leyo NdlelaNxa uyihamba kungathi ungacimeza,Nanyova ungahamba;Phinde iyaluthana;Ngendlebe ngiyakudonsa,Kayihambi leyo ndlela.

Emini nasebusuku kuyefana,Kunonyezi nge; kukhanya bha;Kakuyi lubuyayo ngizwe;Labo sebe amahluzela,Kabusekho ububona.

Sonkanise ndini yizwa!Hlongandlebe kunini ukhuzwa?Kufanel' ucophelele leli yizwe;Kunini ngala mazwi ufunzwa?Uyobe usuwedwa ubuzwa.

Hamba juba bayokuchutha,Unenkani yeselesele;Iphikankani lifel' enkanini;Isalakutshelwa sibona ngomopho,Ngingahubhuzi kangixeguli qaphel' ubhuku.

Kakubon' abantu labo,Bapoka behamba,Bamcebo uyanuka phu;Ezabo zigcwel' igaziNgabo kunesililo ngala nanga Ie.

Yeyi bo!Kayihambi leyo ndlela!NoSathan' iyamxak' umnikaziyo,Udondolo Iwakh' esizibeni nguwena,Ekugcineni uyokutshweleza njengezoso.

Kayikho ingcebo yombulali,Kalikho ifa lesela,Impilo do emndenini kahodoba,

2

Page 3: UNIVERSITY OF KWAZU LU-NATAL FACULTY OF EDUCATION …ukznstats.ukzn.ac.za/eexams/downloads/EDZU310E1_06_2011_Y_P1.pdf · FACULTY OF EDUCATION Edgewood Campus BACHELOR OF EDUCATION

Do inkululeko exokini,Kayihambi leyo ndlela!

Umbuzo 6

Funda inkondlo elandelayo maqede uphendule imibuzo elandelayo:

We Nyosi

Ngidedele ngihaye phezu kwemithiEhlobile, ngiphuze amanzi ajulile,Nginanele imvunge yezinyoni.Ngizwa amakha ezihlahla engembozaNgamacembe okwemvakazi.Masenyukele ezintabeni sishayweYimilozi yomoya, siphe amehloEzizibeni ezinzonzobele la kuquluse khona,Izingengelezi, sibungaze umgcagcoWezinkanyezi nenyanga.Ngizwa intshumentshume kuthi mangigxumeNgibong' amakhos' ashiy' umhlab' uqhethile.Wenyosi yayizolo! Ngiphe ulimi olufuze olwakho,Ngishukumise izidalwa, ngithwase ngengxwembe.Okwalapha kuyayekethisa kubaba kunesibhaha,Ngiklezise ngengqothovu ngishaye esentwala.

(a) lehazani imbongi ngegama lenyosi?

(b) Ngenjani Ie nyosi yayizolo imbongi ekhuluma ngayo?

(e) Kungani imbongi ifisa ukuphiwa ulimi olwefuze olwenyosi (umugqa we-13)?

(d) Yini Ie milozi imbongi ekhuluma ngayo (umugqa wesi-7)?

(e) Yini ukukleza imbongi ekhuluma ngakho emgqeni wokugeina?

Umbuzo 7

Awubeke ngamafuphi ukuthi zifundelwani izinkondlo ezikoleni.

ISIGABA C: MEDIA

Umbuzo 8

Phendula yonke imibuzo.

3

(2)

(2)

(2)

[10]

[5]

[15]

(2)

(2)

Page 4: UNIVERSITY OF KWAZU LU-NATAL FACULTY OF EDUCATION …ukznstats.ukzn.ac.za/eexams/downloads/EDZU310E1_06_2011_Y_P1.pdf · FACULTY OF EDUCATION Edgewood Campus BACHELOR OF EDUCATION

8.1 Chaza kafushane ngamagama akho ukuthi kusuke kuqondweni uma kukhulunywa ngo"siko mpilo olusematheni" (popular culture).Yiliphi iqhaza elibanjwa yi midiya ukusabalalisaleli siko? Unganikeza izibonelo ukucacisa amaphuzu akho uma kunesidingo.

[8]8.2 Bhala okungenani amaphuzu amane lapho uhlaziya khona ngokubaluleka kokufundiswa

kwezifundo zeMidiya ezikoleni.[8]

8.3 Yakha kafushane umsebenzana (activity) ongawunikeza abafundi bakhobeMidiya bebanga 9. (Grade 9) noma ibanga 10 (Grade 10) usebenzisaisiqeshana se- athikhili osinikeziwe.

Umsebenzana wakho mawuhambisane nomphumela wokufunda nokubukela.Ukufunda nokubukela: Umfundi ukwazi ukufunda nokubukela ukuzeaqonde aphinde acubungule ngokuhlolisisa aphendule ngezinhlobozamathekisthi eziningi.

Khetha izinga lokuhlola ELlLOOWA ozosebenza ngalo kulawa mazinga okuhlolaalandelayoUmfundi ukwazi:

• Ukuhlaziya iphuzu elivezwa ngumbhali.• Ukuhlaziya ngokucacile noma (ngokufihlakele) umyalezo, noma yikuphi okuvunayo /

okukhetha icala nokunika umbono wakhe nokunye okungenziwa.• Ukuchaza ukuthi okuqukethwe okuphathelene nezamasiko kunomthelela kanjani

kumyalezo.

[14]

4


Recommended